Sibonakele isikhala sikaMathoho – Umqeqeshi

2016-08-11 10:01

Johannesburg – Umqeqeshi weqembu lebhola lezinyawo lika-U-23 u-Owen da Gama uthi sizwakele isikhala sika-Erick Mathoho ngesikhathi ezakhe zigadulisana ne-Iraq.

Ngokombiko weKickOff.com, abafana baDa Gama baphumile emqhudelwaneni wama-Olympics kulandela ukudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Iraq, okusho ukuthi baqede emsileni kaGroup A.

OLUNYE UDABA: Ngisho ubuchule bukaKhune buhlulekile ukuhlenga iqembu

UMathoho noLebogang Mothiba bakhishiwe esikwatini esiqala umdlalo kulandela ukulimala nokugula.

“Nokho abafana batshengise isibindi, sizwakele isikhala sikaMathoho odongeni lwethu. I-Iraq ibidlala ibhola elihamba phezulu, kanti ukube uMathoho ubekhona ubezoba wusizo olukhulu,” kusho uDa Gama.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...