“Sibhekene nesikhathi esinzima: owePirates

2017-02-10 16:00

Cape Town – Isitobha se-Orlando Pirates, uHappy Jele, ukholwa ukuthi sizogcina sifikile isikhathi sokuthi amaBhakabhaka aqale ukuwina kulandela uxhaxha lwemiphumela engemihle.

Ukuhluleka ukuwina kwamaBhakabhaka kuqhubekile ngesikhathi ebambana ngeqanda nhlangothi zombili ebhekene nePlatinum Stars ngoLwesithathu. Lokhu kwenze yaze yaba yisithupha imidlalo lezi zinkunzi zaseSoweto zingayazi iwini kuyo yonke imiqhudelwano.

“Njengamanje sibhekene nesikhathi esinzima, kodwa ngikholwa ukuthi maduze sizobuyela esimweni esingcono,” uJele utshele iVodacom Soccer.

OLUNYE UDABA: UBenni uyazithemba ngokuqeqesha iPirates

Uthi emdlalweni nePlatinum Stars abazange bakhe amathuba amagoli kodwa bakwazile ukuthola iphuzu.

“Besilokhu sisebenza kanzima ukulungisa amaphutha ethu asemuva kanjalo nokuqedela kwethu (emapalini) selokhu siqhubeke nokuziqeqesha ngemuva kwekhefu lamaphakathi nesizini.

“Ukudlala imidlalo engu-6 ngaphandle kokuwina sekube yinkathazo eqenjini elisezingeni lePirates, kodwa ngiyathemba ukuthi sekusele isikhathi nje sibuyele ezindleleni zethu zokuwina.”

Emdlalweni olandelayo, iPirates izotholana phezulu neMamelodi Sundowns eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli ngeSonto.

UJele uthi bawubheke ngabomvu lo mdlalo weSundowns futhi “akukho ukungabaza [ukuthi] kuzoba umdlalo onzima lapho amaqembu womabili elwela ukunqoba okudingeka kakhulu”.

Uphethe ngokuthi bayakudinga ukunqoba umdlalo ukuze bakwazi ukubuyelwa umdlandla. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...