Seziqinisekisiwe izinsuku, izikhathi nezinkundla okuzodlalelwa kuzo i-MTN8

2017-07-31 18:00

Cape Town - IPremier Soccer League (PSL) isimemezele ukuthi umqhudelwano we-MTN8 wonyaka ka-2017 uzoqala esikhathini esingaphansi kwamasonto amabili ngoLwesihlanu, mhlaka-11 Agasti 2017.

ULwesihlanu oluzayo luzobe lusho ukuqala ngokusemthethweni kwesizini yebhola yonyaka ka-2017/18.

Ompetha be-MTN8, iWits, izoqala lo mqhudelwano ngokutholana phezulu neLamontville Golden Arrows eBidvest Stadium ngo-20:00.

AmaClever Boys awina lesi sicoco ngokubhaxabula iMamelodi Sundowns eMbombela Stadium ngonyaka owedlule. Lokhu kwaba ngokokuqala iWits iphakamisa inkomishi.

OLUNYE UDABA: Unompempe kuphela obengakwazi ukumisa umdlalo – Khoza

NgoMgqibelo, mhlaka-12 ku-Agasti, kuzoba nemidlalo emibili: ICape Town City izotholana phezulu neqembu eliselisha ku-MTN, iPolokwane City, eCape Town Stadium ngo-15:00.

Ngo-20:15, Kaizer Chiefs izobe isekhaya ibhekene neSuperSport United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

NgeSonto, mhlaka-13 ku-Agasti, iqembu elaphuma isibili ngonyaka odlule, iMamelodi Sundowns, izotholana phezulu neMaritzburg United.

Imidlalo ye-MTN8:

ULwesihlanu, Agasti 11

Bidvest Wits vs Golden Arrows - Bidvest Stadium (20:00)

NgoMgqibelo, Agasti 12

Cape Town City vs Polokwane City - Cape Town Stadium (15:00)

Kaizer Chiefs vs SuperSport United - Moses Mabhida Stadium (20:15)

NgeSonto, Agasti 13

Mamelodi Sundowns vs Maritzburg United - Lucas Moripe Stadium (15:00)

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 18-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-23°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...