Sesizowabeka ethala amakhokho isihlabani sase-Afrika esidlale kakhulu e-Europe

2017-11-14 19:30

Johannesburg - Isihlabani sebhola lezinyawo, uDidier Drogba, sesimemezele ukuthi sizowabeka ethala amakhokho ekupheleni kwesizini yaseMelika.

Lo mdlali wase-Ivory Coast usalidlala namanje ibhola nakuba eseneminyaka engu-39 ubudala.

UDrogba ubengumdlali wokuqala emlandweni webhola ukudlala ekubeni engumnikazi wekilabhu kulandela ukuthatha izintambo kwi-Phoenix Rising FC kulo nyaka.

OLUNYE UDABA: Uzodlalelwa eThekwini oweChiefs ne-Ajax

Lo mdlali uzobeka phansi amakhokho ngemuva kweminyaka engu-20 edlala.

"Ngicabanga ukuthi kuzoba yisizini yami yokugcina ngonyaka ozayo. Kuhamba kuze kufike leso sikhathi sokuba kumele ume,” kusho uDrogba kwi-RMC.

"Ngidinga isikhathi sokwenza eminye imisebenzi yami. Kumnandi ukudlala, kodwa uma usuneminyaka engu-39 yobudala, uyabambezeleka kwezinye izinto.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...