Sesishonile isikhulu sebhola esaxoshelwa inkohlakalo

2017-07-13 12:29

Cape Town – Isikhulu sebhola esabandakanyeka enkohlakalweni nesagcina sesimpimpa abanye, uChuck Blazer, ushonile ngoLwesithathu, ummeli wakhe usho kanjalo. Ubufakazi bakhe basiza ekuvezeni obala inkohlakalo yokugwazelwa kwezikhulu ze-FIFA.

UBlazer, nowavalwa ekuzibandakanyeni nezinto ezithinta ibhola lezinyawo ngenxa yenkohlakalo ngo-2015, ubelokhu exinwe yisifo somdlavuza. Udlule emhlabeni esineminyaka engu-72 ubudala.

OLUNYE UDABA:Inkakha yaseNgilandi ikhala ngenkohlakalo ku-Fifa

“Siphatheke kabi ngempela ngokushona kwekilayenti lethu futhi eliwumngani, uChuck Blazer,” ummeli wakhe usho kanjalo esitatimendeni esithunyelwe i-AFP.

“Ukungaziphathi kahle kwakhe, okuyinto avuma ngokuphelele ukubhekana nayo, akufanele kusithe iqhaza elihle likaChuck ebholeni,” isitatimende sibeke kanjalo.

Lesi sikhulu ebesishaya ngobhebhenene wentshebe futhi sisikhulu nangokomzimba, sasiseqhulwini ophenyweni olwathela iFIFA ngehlazo lenkohlakalo ngonyaka ka-2015, nolwaholela ekutheni kugcine kuphume esikhundleni lowo owayenguMengameli wale nhlangano yebhola emhlabeni, uSepp Blatter.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...