Sesidlale imidlalo emihlanu singehlulwa - Komphela

2017-12-06 18:00

Johannesburg - USteve Komphela uthi nakuba iKaizer Chiefs sekuphele imidlalo emihlanu ingehlulwa emidlalweni ye-Absa Premiership, basangenza kangcono njengoba bezilungiselela ukubhekana neChippa United.

Amakhosi azoya emdlalweni wanamhlanje [ngoLwesithathu] ebusuku ekuqonda kahle ukuthi ukunqoba kuzowenza alingane neMamelodi Sundowns esesicongweni, kodwa futhi azobe efuna ukuwina kwazise sekuphele imidlalo emine edlala ngokulingana.

UKomphela, obhekene nengcindezi kwazise namanje ubengakatholi nesisodwa isicoco selokhu athatha izintambo eNaturena, uyazi ukuthi iChilli Boys iyingozi kodwa uthi ukulungele ukubhekana nobunzima ePort Elizabeth.

OLUNYE UDABA: ISuperSport iphinde yahlabana nethenda yemidlalo ye-PLS

Kwi-website yeChiefs uthe: “Sesidlale imidlalo emihlanu singehlulwa, kodwa sisanqobe umdlalo owodwa kuphela, sadlala ngokulingana kwemine. Singenza kangcono.

“Sisebenze kanzima ngenkinga yokushaya amagoli, senze kahle futhi ebhokisini, nginethemba lokuthi sizoyehlula iChippa. Singazikhohlisi kodwa ngoba iyingozi. Banabadlali abayingozi.”

Umdlalo kulindeleke uqale ngo-19:30 namhlanje ebusuku kanti iChippa iyona ezobe isekhaya.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...