Selubikelwe i-FIFA udaba lwe-Arrows nomdlali 'owakhonjwa ngesibhamu'

2017-03-29 14:01

Johannesburg - Udaba olubandakanya iGolden Arrows kanye nowayengumdlali waleli qembu uClifton Miheso selubikelwe inhlangano eyengamele ibhola lezinyawo emhlabeni (FIFA), ngokusho kwemibiko.

UMiheso, ongumdlali waseKenya owasayiniswa yi-Arrows ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2016/17, wathi waphoqwa ekhonjwe ngesibhamu ukuba abhale incwadi yokwesula ngoJanuwari.

I-Worldwide Representative Organisation for Professional Footballers (FIFPro) ikhiphe isitatimende esikuqinisekisa ukuthi abameli baMiheso bafake isimangalo kwi-FIFA mayelana nalo mdlali waseKenya kanye neGolden Arrows.

OLUNYE UDABA: U-Da Gama ugxeke i-Angola 'ngokupaka ibhasi' emuva

“Ummeli kaClifton Miheso ufake isimangalo kwi-FIFA ngemuva kokuba lo mdlali ephoqwe ngabesilisa ababili ababephethe izibhamu ukuba esule ekubeni ngumdlali weqembu lebhola laseNingizimu Afrika, iGolden Arrows,” ngokusho kwesitatimende se-FIFPro.

Kuthiwa uMiheso, ngenxa yokwesabela impilo yakhe, wabuyela ezweni lakubo eKenya.

Ummeli wakhe ufuna lithathelwe izinyathelo ngokuthi lifakelwe unswinyo leli qembu noma i-FIFA Dispute Resolution Chamber iphoqe i-Arrows ukuba ikhokhele lo mdlali imali engu-$22 000.

- Soccer Laduma

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...