Selokhu yabakhona iBaroka ayikaze yehlulwe yiChiefs - Thobejane

2017-03-18 12:30

Johannesburg - Umqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane uthi iqembu lakhe liyazethemba ukuthi lingaqhubeka nokwenza kahle uma libhekene neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiership namhlanje ebusuku.

Lama qembu amabili asedlale kathathu selokhu abakhona, kanti iBaroka iyona eyanqoba umdlalo wokuqala, emqhudelwaneni weNedbank Cup ngo-2011.

Emdlalweni wesibili lama qembu atholana phezulu emqhudelwaneni i-F.A.M.E. Charity Cup, nokuyilapho iBakgaga yanqoba khona ngamaphenathi, kanti komunye umdlalo weligi akekho owagoba uphondo.

Lokhu kwenza uThobejane angasiboni isizathu esingabavimba ekutheni baqhubeke nokuthwalisa kanzima iChiefs, nakuba iqembu lakhe lilele emsileni weligi.

OLUNYE UDABA: Iseqhulwini iNedbank Cup - OwePirates

"IChiefs iyazi ukuthi kunzima ukudlala neBaroka," usho kanje kwiKickOff.com.

"Selokhu yabakhona iBaroka, iChiefs ayikaze isishaye. Asibesabi, sikhathazeke ngokushaya amagoli njekuphela.

"Ngiyazi ukuthi amathuba sizobanawo kodwa inkinga ukuthi sizowasebenzisa yini. Esikufunayo nje amaphuzu amathathu, sifuna ukujabulisa abaphathi kanye nabalandeli bethu.”

Umdlalo kulindeleke uqale ngo-20:15 ePeter Mokaba Stadium namhlanje ngoMgqibelo..

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Partly cloudy. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...