Selinomqeqeshi omusha iqembu lePSL

2017-08-24 14:03

Cape Town - IFree State Stars isikuqinisekisile ukuqokwa kukaLuc Eymael njengomqeqeshi omusha ozovala isikhala sikaSammy Troughton oseshiya.

 “IFree State Stars Football Club isiqinisekisa ukuqokwa kukaMnumzane Luc Eymael njengomqeqeshi omkhulu omusha weqembu.

Umqeqeshi kanye nekilabhu bangene kwinkontileka yeminyaka emibili futhi sithemba futhi sikholwa ukuthi ngesipiliyoni sakhe, intshisekelo kanye nokuziphatha emsebenzini ungumuntu ofanele ukubuyisela iFree State Stars ezindleleni zokuwina,” leli qembu libhale kanjalo esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Useyekile ukuziqeqesha neChiefs umgadli obezohlolwa

Kodwa-ke le kilabhu ithi idumele kakhulu ngokuthi kuze kwadingeka ukuthi inqamule inkontileka yayo nomqeqeshi, uSammy Troughton, njengoba bekunomuzwa wokuthi laba angeke baze bakwazi ukusebenza ndawonye ngenxa yokuba nezinkolelo ezingafani ngebhola, “njengoba isisho sisho: ‘izinkunzi ezimbili azihlali esibayeni esisodwa’ futhi inkolelo yalaba baqeqeshi bobabili ukuthi bobabili bangabaqeqeshi abakhulu futhi ngenxa yalokhu bekuzoba nzima kumqeqeshi uSammy ukusebenza noLuc njengesekela”.

Leli qembu libe selibonga uSammy ngomsebenzi awenzile kanye neqhaza lakhe ekusizeni iqembu lilungiselela isizini ka-2017l18, labe selimfisela okuhle kulokho azokwenza ngomuso.

UTroughton uyena obeqeqesha iFree State Stars ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi ibambana nompetha beligi, iBidvest Wits, ngo-2-2 yize noma ezakhe zadlala zingasephelele, seziyishumi enkundleni.

Emdlalweni wokuqala ka-Eymael iStars sizotholana phezulu neMamelodi Sundowns, eGoble Park, ngomhlaka-13 Septhemba.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30 kusihlwa. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...