Sekuseduze amenyezelwe umqeqeshi omusha weBafana

2017-02-27 11:03

Cape Town – Sekusele kancane inhlangano yebhola kuleli, iSouth Africa Football Association (SAFA), imemezele ukuthi ubani umqeqeshi omusha weqembu lesizwe, iBafana Bafana.

Okhulumela iSAFA, uDominic Chimhavi, ukuqinisekisile ukuthi sekuseduze kakhulu kumenyezelwe umqeqeshi omusha weBafana.

“Sesiseduze kakhulu,” uChimhavi utshele ngokukhethekile iSport24 ngesikhathi ebuzwa ngokumenyezelwa komqeqeshi omusha.

Kuleli sonto kuhlangana inyanga yesibili selokhu iSAFA yaxosha lowo owayengumqeqeshi weBafana, uShakes Mashaba, ngemuva kokuthi lo mqeqeshi oneminyaka engu-66 ubudala alahlwa yicala lokuthuka izikhulu eziphezulu zeSAFA.

OLUNYE UDABA: I-SAFA isikhiphe isexwayiso esishubile kuWits

Ngaphambilini kule nyanga, iSAFA yamemezela ukuthi izinkakha zeBafana Bafana, uLucas Radebe kanye noBenni McCarthy, bazoba yingxenye yethimba elizolekelela ekuthungatheni umqeqeshi omusha weqembu lesizwe.

Ukaputeni owanqoba isicoco se-Africa Cup of Nations ngonyaka ka-1996, uNeil Tovey, uzoba yingxenye yekomiti elizokhetha umqeqeshi omusha ekanye noFarouk Khan, uButi Mathathe, u-Anna Nyman kanye noNatasha Tsichlas.

Ngaphezu kwalokhu iSAFA isanda kumemezela uhlu lwabantu abagaqele umsebenzi wokuqeqesha iBafana Bafana.

Phakathi kwabanye babo kubalwa uRoberto Mancini, uGiovanni Trapattoni, uHassan Shehata, uHugo Broos kanye noBernd Schuster.

IBafana Bafana isisalelwe inyanga eyodwa ukuthi izilungiselele ngaphambi kokuba kuqale imidlalo yokuhlungela imidlalo ye-2019 AFCON ngasekupheleni kwaMashi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showery. More sun than clouds. Cool. Pta: 6-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-22°C Mostly sunny. Cool. PE: 12-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...