Sekuqinisekisiwe ukuthi uyabuya kuleli uMuhsin Ertugral

2017-12-21 18:00

Johannesburg - I-Ajax Cape Town isikuqinisekisile ukuthi isiqoke uMuhsin Ertugral njengomqeqeshi wayo omusha.

Amahlebezi okuthi kungase kubuye lo mqeqeshi asabalale ngemuva kokuhamba kukaStanley Menzo ngoLwesine ekuseni.

Ikilabhu isikuqinisekisile manje ukuthi lo mqeqeshi waseTurkey ubuya okwesine kule kilabhu yaseKapa, njengoba ifuna ukubuyisa isithunzi sayo.

OLUNYE UDABA: Ligqabukile igoda phakathi kwekilabhu yaseKapa nomqeqeshi

“Siyajabula ngokuphinde sisayinise uMuhsin,” kusho isikhulu se-Urban Warriors u-Ari Efstathiou kwi-website yekilabhu.

"UMuhsin uyayazi ikilabhu futhi uyayiqonda nendlela esidlala ngayo ibhola.

“Uphinde abenolwazi olunzulu ngokudlalisa abafana abancane, okuyinto ebaluleke kakhulu ngekusasa lekilabhu. Sithanda ukumamukela futhi.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...