Sake sayishaya iMazembe, ngakho singayiphinda - Tinkler

2017-10-23 12:31

Johannesburg - Umqeqeshi u-Eric Tinkler uyazi ukuthi iSuperSport United izobhekana nobunzima kowamanqamu eCAF Confederation Cup, kodwa unethemba lokuthi ezakhe zingenza kahle uma sezibhekene ne-TP Mazembe.

UMatsatsantsa anqobe eTunisia ngo-3-1 ngesikhathi edlala neClub Africain, ngaleyo ndlela azitholela indawo kowamanqamu e-CAF, kanti manje sekusele imidlalo emibili ukuba athathe lesi sicoco sase-Afrika.

UTinkler, okungokwesibili efinyelela kowamanqamu e-CCC esikhathini esiyiminyama emithathu, ukholelwa ukuthi iSuperSport ithola ukuzethemba ekwazini ukuthi amanye amaqembu aseNingizimu Afrika aseke ayishaya iMazembe phambilini, futhi nabo bakwazi ukushaya amagoli amabili ngesikhathi bedlala nayo eLubumbashi kulo nyaka.

I-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns bakwazi ukwehlula izinkunzi zaseCongo emidlalweni yakamuva, kanti nakuba uzoba ngonzima lo mdlalo, uTinkler unethemba.

OLUNYE UDABA: USuthu lushaye uDowns ekhaya

Ekhuluma ngemuva komdlalo, ngesikhathi ebuzwa ngekilabhu azobhekana nayo kowamanqamu, uthe: “Owamanqamu ne-TP Mazembe… Ukhuluma nekilabhu enesipiliyoni esiningi, ikilabhu esike yanqoba iChampions League kanye neConfederation Cup phambilini, kodwa iyikilabhu esesike sadlala nayo, sayishaya.

“Ngibachazelile abadlali ukuthi sidinga ukufika lapha singenakho ukwesaba nakuba besizobe sidlala phambi kwabalandeli abanonya. Nomdlalo we-TP Mazembe kuzomele sibhekane nawo ngaleyo ndlela, singanaki isipiliyoni abanaso. Sike sabahlula phambilini, sisangabahlula futhi.”

Umlenze wokuqala womdlalo wamanqamu uzoba se-DRC ngempelasonto yangoNovemba 18, kanti owesibili uzoba ngempelasonto elandela leyo ePitoli.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...