Pitso: UCastro kumele akhohlwe yi-'CBD’

2017-03-08 12:30

Cape Town – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, usephonsele inselelo umdlali waleli qembu, uLeonardo Castro, ukuthi abuyise ifomu yakhe ngaphandle kokuthi alekelelwe ngozakwabo, uKhama Billiat kanye noKeagan Dolly.

Ngesizini edlule laba badlali abathathu babevutha bengabaselwe futhi bethathwa njengabayingozi kakhulu eChloorkop nokwaholela ekutheni baze baqanjwe igama elithi "CBD" – nokuyigama elisuselwa emagameni abo - uCastro, uBilliat kanye noDolly.

Kodwa-ke izinto sezishintshile kule sizini njengoba uDolly esalishiya leli qembu wayojoyina iMontpellier yaseFrance ekubeni ngakolunye uhlangothi uBilliat yena ubelokhu engadlali ngenxa yokulimala. UCastro naye usekuthola kunzima ukuqala umdlalo ngenxa yezinkinga zakhe zokulimala.

OLUNYE  UDABA: Indinda ngozoba umqeqeshi omusha weBafana

Ngemuva kokuvalela enethini amagoli angu-10 emidlalweni yeligi ngesizini edlule, lo mdlalo ongowokudabuka eColombia usaqale imidlalo emibili kuphela yeligi kanti akakalishayi igoli.

Kodwa-ke ngoMsombuluko kusihlwa uzibonakalisile ukuthi akakathunti njengoba ebhakuzise inethi ngesikhathi leli qembu litholene phezulu neMariveni United kumqhudelwano weNedbank Cup.

Ngokusho kukaMosimane, lo mdlali uzibonakalisile nangesikhathi iSundowns ibhekene neCape Town City.

UMosimane uthi kwaba yinto enzima ukuhlakazeka kwe"CBD", wathi kodwa uCastro kuzomele avuke azithathe.

“Ulinde ithuba lakhe futhi kukuyena ukuthi azibuyisele eqenjini futhi angakwazi ukubuyela eqenjini, akakwazi ukukhononda ngabantu abangekho enkundleni.

“Kumele abhekane nakho, kuyingxenye yebhola, uma ngabe uMessi engekho, uSuarez akumele akhononde noma uNeymar.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...