Pitso: UBilliat ufuna ukuyishiya iSundowns

2017-08-14 16:01

Cape Town – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane usekuqinisekisile ukuthi isethenjwa saleli qembu, uKhama Billiat, uyanqaba ukusayina isivumelwano esisha futhi ufuna ukuyishiya le kilabhu.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala unonyaka owodwa omsalele kwinkontileka yakhe kanti kubukeka sengathi usefuna inselelo entsha, nalapho kubhekwe ukuthi lo mdlali weqembu lesizwe eZimbabwe ayodlala e-Europe.

“Uma ngabe evuselela sizomamukela, ungumdlali omuhle, kodwa ufuna ukushiya futhi akafuni ukuvuselela,” uMosimane usho kanjalo ngemuva kokudliwa kweSundowns okuthuse abaningi ikhishwa yiMaritzburg United emqhudelwaneni we-MTN8 esigabeni sama-quarter-final.

OLUNYE UDABA: UPitso ufuna uBrockie azovala indawo kaBilliat

“Yini enye esingayenza? Yimpilo le. Salahlekelwa uKatlego Mphela, saqhubeka sase sawina izinkomishi. Salahlekelwa u-Elias Pelembe futhi sawina izinkomishi.

“Salahlekelwa uLebogang Mokoena, sawina izinkomishi. Salahlekelwa uRamahlwe Mphahlele sasesawina iChampions League. Salahlekelwa uBongani Zungu sase sawina iligi. Sizolahlekelwa abadlali, kodwa sizoqhubeka nokuwina.

“Kodwa singathanda ukuthi ahlale, sifuna ahlale futhi sicabanga ukuthi uzohlala. ISundowns iqinile. Nami ngizohamba bese omunye umuntu asale awine iligi. Ngakho, impilo iyaqhubeka.”

Manje iSundowns isizogxila emdlalweni we-Absa Premiership nalapho izotholana khona phezulu neSuperSport United ngoMgqibelo kulo mdlalo ozoqala ngo-15:00.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...