Oyilungu le-SAFA ubheke esokuhola iConfederation of African Football

2016-12-06 12:31

Durban - Ilungu eliphezulu kwinhlangano eyengamele ibhola eNingizimu Afrika, iSouth African Football Association (SAFA), uNatasha Tsichlas, usibheke ngabomvu isikhundla sokuba yiNhloko yeConfederation Africaine de Football (CAF) kwibhola labesimame.

Imithombo yeSiya Crew ezweni laseCameroon ithi le ntokazi yakuleli izimisele ukuthatha lesi sikhundla ukuze isimamise ibhola labesimame ezwenikazi lase-Afrika.

UTsichlas, odume ngelika-Iron Lady, akaqali ukugaqela isikhundla esikhulu kwezebhola njengoba wayeyingxenye yebhodi labaqondisi kwi-2010 FIFA World Cup eyayibanjelwe kuleli.

OLUNYE UDABA:UPitso uyaziqhenya ngabadlali beSundowns ngokuwina i-CAF

Yena nomyeni wakhe, u-Angelo Tsichlas, babengamalungu ebhodi leMamelodi Sundowns ngaphambi kokuba balidayise leli qembu.

UTsichlas ubehambele ezweni laseCameroon emasontweni ambalwa adlule njengoba bekunemidlalo ye-AWCON kanti wakhethwa njengoKhomishana womdlalo wamanqamu phakathi kwezwe elisingethe lo mdlalo, iCameroon, kanye nompetha base-Afrika iNigeria.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...