Oxoshwe yiChippa uyamaniswa nesokucija iPolokwane City

2017-09-26 14:00

Johannesburg - Umqeqeshi wePolokwane City uBernard Molekwa kulindeleke ashiye isikhundla sakhe njengoba iRise and Shine kulindeleke ithathe obengumqeqeshi weChippa United uDan Malesela, kusho umbiko.

UMalasela, osanda kuchithwa yiChilli Boys, uyena okubukeka esethubeni elihle lokuthatha izintambo kwiCity kulandela ukuhlangana nabaphathi beCity.

Ngokusho kwemithombo esondelene nale kilabhu ethwele kanzima kwiPremiership, uMalesela kulindeleke afike nabantu azosebenzisana nabo.

OLUNYE UDABA: Usethole umsebenzi omusha owayesiza uMashaba kwiBafana

"UMolekwa akayindawo kodwa uzohlala kuleli qembu enze omunye umsebenzi ngaphakathi,” kusho umthombo.

ICity, engasemsileni ngamaphuzu amane emidlalweni eyisithupha, izobhekana ne-Orlando Pirates e-Old Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo (20:15) emdlalweni olandelayo.

Esikhaleni sikaMalesela kwangena owayengumsizi wakhe, uTeboho Moloi.

 - KickOff.com

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...