Owine indondo kuma-PSL Awards useyokwenza inhlolokhono phesheya

2017-07-11 13:59

Johannesburg – Umdlali wasesiswini weBidvest Wits, uPhakamani Mahlambi, kulindeleke ukuba abambe indiza ebheke kwelasePortugal kuleli sonto nalapho eyokwenza khona inhlolokhono ezothatha amasonto amathathu ngaphambi kokuba kuqale isizini ka-2017/18, kubika iKickOff.

UMahlambi ukhale wemuka nendondo ye-PSL Young Player of the Season emcimbini wokuklomelisa ngezindondo abadlali abavelele, ama-Premier Soccer League Awards eSandton, eGoli, ngoMsombuluko kusihlwa.

OLUNYE UDABA: Nalu uhlu oluphelele lwabawine kuma-PSL Awards nemali abayitholile

Lo mdlali ukwazile ukulekelela iWits ukuthi ithathe isicoco seligi ngemuva kokuvalela enethini amagoli ayisithupha waphinde walekelela ekushayweni kwamagoli ayisithupha ngemuva kokuqala imidlalo engu-8 nje kuphela kuleli qembu ngesizini edlule.

Lo mdlali osemncane ophinde adlalele iqembu lesizwe, nowadlala umdlalo wakhe wokuqala kwiBafana Bafana ngesikhathi idlala umdlalo wayo wobungani ne-Angola ngoMashi phambilini kulo nyaka, walimala kanzima edolweni ngesikhathi edlala isizini yakhe yokuqala namaClever Boys ngonyaka odlule nokwaholela ekutheni achithe izinyanga ezingu-9 engadlali.

“Uya phesheya kuleli sonto – ePortugal. Bazombheka lapho bese bemvumela aziqeqeshe isikhathi esilinganiselwa emavikini amathathu, nokuyinto enhle,” uGavin Hunt ukuqinisekisile.

“Kungaphambi kokuqala kwesizini kodwa ngethemba [lokuthi], ngiyacela Nkosi, aphumelele.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...