OweSuperSport uyaziqhenya ngabakwenze kweyeCAF nakuba bengawinanga

2017-11-28 16:00

Johannesburg - Umdlali wasemuva weSuperSport United, uClayton Daniels, uyaziqhenya ngemizamo yekilabhu yakhe ngemuva kokwehluleka ukuthatha iCaf Confederation Cup.

AmaMatsatsantsa ahlulwa ngo-2-1 ngemuva kwemilenze emibili kowamanqamu nezinkunzi zaseCongo i-TP Mazembe, nokwenze yazibeka ethubeni lokuthola umklomelo wokuba yikilabhu yeCAF evelele kulo nyaka.

UDaniels uthi izinkunzi zaseTshwane sezizogxila emizamweni yokuthatha isicoco se-Absa Premiership.

"Siyaziqhenya kakhulu ngokufinyelela la esifinyelele khona,” kusho uDaniels kwi-KickOff.com.

OLUNYE UDABA: IChiefs isamfuna namanje umgadli woSuthu

"Kuzomele sithathe konke okuhle esikuthole ohambweni olunzima lwase-Afrika sikusebenzise. Sikhulile njengekilabhu, ngakho sesibheke imidlalo yeligi manje ngoba sifuna yona [iligi].”

"Sizame ngawo wonke amandla ethu kuyona yombili imidlalo. Sidlale kahle, sazimisela, salwa…akukho noyedwa umdlali ongenzanga okusemandleni akhe futhi siyaziqhenya njengeqembu.”

ISuperSport izoqhubeka nemidlalo yeligi njengoba izodlala ne-Ajax Cape Town eMbombela Stadium ngoLwesithathu ngo-19:30.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...