OweSundowns uncoma uMosimane ngomgqigqo

2016-11-28 14:29

Cape Town – Umgadli weMamelodi Sundowns, uPercy Tau, uthi umgqigqo wakhe wakamuva eqenjini elingompetha base-Afrika, ube ngenxa yokuthi umqeqeshi uPitso Mosimane utshengise ukumethemba.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala uthole ithuba ngenkathi leli qembu litholene phezulu neHighlands Park ngeSonto.

UTau akazange amphoxe umqeqeshi wakhe njengoba edlale umdlalo oncomekayo nalapho eshaye igoli elilodwa wase wasiza ekushayeni amagoli amathathu.

OLUNYE UDABA: UKekana uqokwe njengokaputeni omusha we-Sundowns

“Kubalulekile kumina njengomgadli ukushaya amagoli, kodwa ngijabule uma ngisiza abafowethu bashaye amagoli.

“Uma besesimweni esingcono sokushaya amagoli, ngijabule.

“Umqeqeshi wangitshela ukuthi kumele nami ngishayele ipali ngabe sengithola lelo thuba, ngithe ake ngizame, ngizobe sengithi sengixolisa kamuva,” kusho uTau.

Uqhube wathi bajabule ngendlela abathuthuka ngayo njengoba besadlala imidlalo abasilele emuva ngayo.

Kuyimanje amaBrazilians asengene endaweni yesi-8 kwi-log ngemuva kwemidlalo eyisithupha kanti alandela emuva ngamaphuzu angu-7 kwiBidvest Wits kanye neCape Town City FC, okungamaqembu azihola phambili ku-PSL.

Emdlalweni wayo olandelayo, iSundowns izobhekana ne-Ajax Cape Town, ezidonsela ngodizili kulezi zinsuku njengoba isendaweni yesibili uma usuka emsileni.

Lo mdlalo uzobe unguLwesithathu kanti uzoqala ngo-19:30 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...