OwePirates uthi usehambele amazwe amaningi kodwa akaze akubone ukushweba okungaka

2017-11-23 18:02

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uthi emazweni aseke wawahambela akaze akubone ukushweba kwabadlali okunjengalokhu akubonayo lapha eNingizimu Afrika.

Lo mqeqeshi waseSerbia ukusho lokhu ngemuva kokuba iPirates idlale ngokulingana neGolden Arrows e-Orlando Stadium ngoLwesilibi ebusuku.

'UMicho', ikilabhu yakhe esashaye amagoli angu-8 kuphela emidlalweni engu-11 kule sizini, uthi inkinga yamagoli kuleli ibonakala nagokwehluleka kweBafana Bafana ukuya emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ka-2018.

"Lapha abadlali uma behlulwa yithuba elilodwa bazolokhu becabanga ngalo, kanti lokho kubenza bahluleke ukwakha amanye amathuba,” kusho lo mqeqeshi oke wacija i-Uganda neRwanda.

"Yilokho esizama ukukuqeda, ukuthi uma ucabanga ngethuba elikwehlulile uzoqhubeka nokushweba. Kodwa uma ukhohlwa, sikhokhele ngokuthi wakhe amanye amathuba amathathu, kungenzeka elilodwa noma amathathu angeke.”

OLUNYE UDABA: UKhune uthi kuyasiza ukucubungula imidlalo kumabonakude

Uthi ngokubona kwakhe yena ayikho inkinga yebhola kuleli kodwa inkinga eyomqondo wokushaya amagoli nje kwaphela, yingakho neBafana ingayi eRussia ngonyaka ozayo.

"Sengiye emazweni angu-138 emhlabeni wonke, empilweni yami angikaze ngibone ukushweba okungaka. Angisho kabi kodwa ngisho ngoba nami ngilapha futhi ngiyingxenye yeNingizimu Afrika. Ngifuna sonke sibheke isixazululo ngale nkinga.”

IBhakabhaka emdlalweni walo olandelayo lizobhekana neBloemfontein Celtic eDr Molemela Stadium ngeSonto koweligi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...