OwePirates uthi uphoxeke kabi ngokuhlulwa ukuwina indondo

2017-05-29 14:05

Johannesburg – Umgadli we-Orlando Pirates, uTendai Ndoro, usezwakalise okukhulu ukuphoxeka kulandela ukuhluleka kwakhe ukuwina indondo yeLesley Manyathela Golden Boot njengoba egcine ebhinciselwe nxanye ngukaputeni weCape Town City FC, uLebohang Manyama.

Lo mdlali odlalela iqembu lesizwe eZimbabwe uqale isizini ka-2016/17 ngegiya eliphezulu nokwamenza waba yimfivilithi ekuwineni le ndondo.

Kodwa-ke ukungasitholi kahle isikimu selokhu kwafika umqeqeshi uKjell Jonevret ngoFebhuwari kuphazamise umgqigqo wakhe wokushaya amagoli.

OLUNEY  UDABA: UManyama uwine indondo ye-Lesley Manyathela Golden Boot

Kodwa-ke lo mgadli akafunanga ukugxeka lo mqeqeshi wase-Sweden ngothunta kwakhe, wathi ukwehla kwezinga ngasohlangothini lwakhe yikhona okumenze waphuthwa yile ndondo.

UNdoro washaya amagoli angu-12 esewonke, kwathi imbangi yakhe uManyama yena wavalela phakathi angu-13.

“Leli yibhola futhi kungenzeka noma ngabe yini kodwa ngiphoxeke kakhulu ngami ngokungaqhubeki nomgqigqo,” kukhala uNdoro.

“Ingxenye yokuqala yesizini ngashaya wonke amagoli kwase engxenyeni yesibili ngashaya amangaki? Lilodwa kuphela futhi akukuhle.

“Bekuseyibhola elilodwa kanye noTendai Ndoro ofanayo obedlala…

“Ngale kwalokho ngibongela uLebo (Manyama), kumfanele kakhulu. Uwugcinile kakhulu umgqigqo isizini yonke.

“Ngisho nasengxenyeni yesibili yesizini akazange ayeke ukuphusha. Kodwa ngiphoxeke kakhulu ekugcineni.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...