OwePirates uthi ujwayele ukushaya ingcwenga yamagoli

2018-04-05 11:00

Johannesburg - Umgadli we-Orlando Pirates u-Augustine Mulenga uthi igoli lakhe elihle alishaye bedlala neBloemfontein Celtic izolo ebusuku bekungayona inhlanhla.

Lo mdlali waseZambia ungene ngesiwombe sesibili washaya igoli elinqobise iPirates ngo-2-1 ngesikhathi idlala nePhunya Sele Sele ebingasaphelele.

OLUNYE UDABA: Usethole umsebenzi omusha eNgilandi owayengumdlali weBafana

"Ngesikhathi umqeqeshi engifaka bengikwazi engingakwenza kanti futhi bengingaqali ukushaya igoli elinjeyana,” kusho uMulenga sekuphele umdlalo.

"Sengijwayele ukuwashaya [amagoli afana naleli]. Ngibone kufanele ukuba ngikhahlele nokuyinto engivamile ukuyenza ejimini.”

UMulenga wethemba ukuthi usazowaqhulula amagoli ngaphambi kokuphela kwesizini ukuze ezosiza ikilabhu yakhe ifezekiseke lokho ekufunayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...