OwePirates uthi kuyambambezela ukudlala kuPSL - Umbiko

2017-03-01 14:01

Johanneburg - Ubona sengathi ukudlala kuPremier Soccer League (PSL) kuyambambezela ekutheni aqinise indawo yakhe eqenjini lesizwe ozicelele ukudedelwa yi-Orlando Pirates.

Abantu abaningi bebezitshela ukuthi lo mdlali, u-Edwin Gymah, ufuna ukuhamba ngoba esacasulwe yindaba yokuxabana kwakhe noMuhsin Ertugral, ngoSepthemba nyakenye.

UGymah no-Ertugral bathwetshulwa esikhumulweni sezindiza eKapa bexabana kwaze kwadingeka amaphoyisa ukuthi abalamule kade beyodlala ne-Ajax Cape Town.

Ukuchithile-ke nokho lokhu uSihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, ngesikhathi ezomemezela umqeqeshi omusha, wase eveza ukuthi uGyimah uzicelele ukudedelwa kodwa zangavela izizathu.

OLUNYE UDABA: Kubizwa umhlangano wabePirates

Ngokuthola kweSolezwe, uGyimah ozanyelwa umsebenzi phesheya ngenxa yokuthi ukubone kungcono ukuyozama khona ngoba ukuqhubeka nokudlala ku-PSL kwenza angabhekwa yiqembu lesizwe laseGhana.

Kwi-Afcon ebisingathwe yizwe iGabon, lo mdlali akazange adlale nowodwa umdlalo.

Ngokusho kwakhe nabaphethe izindaba zakhe, iProSport International, lo mdlali angalithola noma yinini iqembu phesheya ngoba inkontileka yakhe inqanyulwe lingakavulwa ngisho iwindi lokuthengwa kwabadlali.

- Isolezwe

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...