OwePirates uthi inkinga yenhliziyo waqala ukuyizwa bedliwa yiDowns

2017-02-19 13:31

Johannesburg - Ibamba likamqeqeshi we-Orlando Pirates u-Augusto Palacios livumile ukuthi lizwe inhliziyo ishaya ngendlela engajwayelekile ngesikhathi uRiyaad Norodien eshaya igoli lokulinganisa bedlala neCape Town City.

UPalacios ubonakale elokhu ehlikihla isifuba sakhe ngesikhathi ejabulela igoli likaNorodien alishaye ngomzuzu ka-93, elenze umdlalo waphela ngo-2-2 eCape Town Stadium.

Lo mphumela ulandela imidlalo emibili iPirates ehlulwe kuyona kanti uPalacios ubesezwela kakhulu.

OLUNYE UDABA: Iqembu lePSL limise umqeqeshi

“Ubuhlungu benhliziyo, budalwa wukhwantalala, ngaqala ukubuzwa ngemuva komdlalo weSundowns,” kusho lo mqeqeshi kwiSuperSport TV  ngemuva komdllao.

UPalacios uthe akanaso isiqiniseko ngekusasa lakhe njengoba usihlalo u-Irvin Khoza kulindeleke amemezele umqeqeshi omusha ngoMsombuluko.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...