OwePirates usejoyine iBaroka FC

2017-07-04 18:00

Johannesburg – IBaroka FC isiphothule isivumelwano sokubolekwa komdlali we-Orlando Pirates wasesiswini, uGifft Motupa, kubika iKickOff.com.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala waqala ukugqama ngesikhathi esadlalela iBakgaga nalapho adonsa khona amehlo aMabhakabhaka njengoba avalela enethini amagoli angu-18 kuligi ngamasizini amabili naleli qembu laseLimpompo.

OLUNYE UDABA: IDowns iklinywa wumthetho we-PSL

Khonamanjalo, umdlali osemncane waseZimbabwe uselulelwe isivumelwano sakhe sokubolekiswa ngemuva kokuba nesizini enhle kuleli qembu.

Lo mdlali wasesiswini naye usengumdlali wePirates kodwa wabolekiswa kuPirates selokhu ajoyina lezi zinkunzi zaseSoweto evela kuCape Town ngonyaka odlule.

I-CEO yeBaroka, iziqinisekisile izivumelwano zala badlali ababili bePirates.

“Yebo uGift [Motupa] usesiyoyinile [ngesivumelweno] sokubolekisa evela kuPirates kanjalo no-[Marshall] Munetsi,” utshele iKickOff.com.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...