OwePirates uncoma indlela abadlale ngayo nakuba behlulekile ukuwina

2018-04-12 07:55

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uthi abadlali bakhe bazame ngakho konke ukuwina ngesikhathi bedlala neSuperSport United.

Amathuba ePirates okuthatha isicoco alimele kancane ngoLwesithathu ngesikhathi bedlala ngokulingana neSuperSport eMbombela Stadium.

Nakuba lakhe amathuba amaningi, iBhakabhaka lehlulekile ukugqobhoza udonga lwasemuva lwe-United ukuze lizibeke endaweni enhle yokuthatha isicoco seligi.

OLUNYE UDABA: 'IChiefs ingaqasha noma yimuphi umqeqeshi kodw angeke uwubone umehluko'

“Sidlale ngendlela ebesihlele ngayo. Kwesinye isikhathi ebholeni ngisho ungawini, ngaphakathi uba nokujabula okukhulu ngenxa yokuzimisela kwabadlali – basenze saziqhenya kakhulu,” kusho lo mqeqeshi waseSerbian kwi-SuperSport TV.

“Bayalihlonipha ijezi. Benze konke okusemandleni ukuze bawine ikakhulukazi ngesiwombe sesibili. Sizamile nhlangothi zonke kodwa sehluleka.

“Siyaziqhenya ngendlela abazame ngayo abadlali. Kumele silithathe leli phuzu sibheke phambili.”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...