OweMazembe nesifiso sokudlalela iChiefs

2017-11-28 16:00

Durban - Ulubalubela ukugijima kwiKaizer Chiefs umdlali waseZambia ohlonishwayo ebholeni lase-Afrika ngeminyakazo yakhe eneNkosi phakathi.

ISuperSport United ihlulekile ukuthatha isicoco seCaf Confederation Cup ibambana ne-TP Mazembe yase-DRC kuba ngu-0-0 ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville. Emlenzeni wokuqala obuse-DRC iSuperSport iguqe ngo-2-1 ngeledlule.

URainford Kalaba, 31, odabuka eZambia okungaputeni weMazembe uthi angakujabulela ukuzogijima kwiChiefs ngoba uyayithanda, kubika ILANGA.

"Ibhola laseNingizimu Afrika ngiyalilandela uma singadlali, ngivamise ukulibuka. Ngiyalithanda impela futhi kudlalwa leli bhola engilidlalayo elinomjiko. Nokho ngithanda iChiefs, yiyona engichazayo indlela edlala ngayo ingenza ngihalele ukuyidlalela ngelinye ilanga.

OLUNYE UDABA: Bazotholelwa udokotela abadlali beSuperSport United

"Uma lingavela ithuba ngeke ngiliyeke, ngingeza ngizogijima kuyona. Lokho kakuchazi ukuthi kangijabule kwiMazembe, ngiphethwe kahle kakhulu yikhona nje ukuthi sengihlale iminyaka eyisikhombisa nganqoba zonke izinkomishi ezikhona ngakho-ke ngingakujabulela ukushintsha umoya," esho.

Lo mdlali ukhuluma kanje nje phambilini uke wamataniswa neMamelodi Sundowns kodwa iMazembe yavele yamnyusela imali abeyithenjiswa ngamaBrazillian wangabe eseza kuleli.

Kuthiwa uKalaba ungomunye wabadlali abahola kakhulu kule kilabhu njengoba eyibamba ngama-dollar ase-United States of America.

Umnikazi wale kilabhu kuthiwa akafuni lutho ngalo mdlali njengoba uma kuke kwaba khona ikilabhu ezama ukumhlwitha, elwa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...