OweCity uthi sebecabanga ukuphonsa ithawula ngoMasango

2017-12-06 19:34

Johannesburg - Isikhulu seCape Town City uJohn Comitis sithi imali efunwa uMandla Masango yenza bacabange ukuvele ‘bakhohlwe’ yilo mdlali weRanders.

ICity ibingenayo inkinga yokukhokhela ikilabhu yaseDenmark u-R3m wokudedela uMasango, ochithe ingxenye yesizini edlule ebolekiswe kwiSuperSport United.

Kodwa uComitis uthi okufunwa uMasango yikhona okuyinkinga kakhulu.

"Sifinyelele esivumelwaneni esingasayiniwe nekilabhu ngokumletha lapha…angase asidlalele ngoJanuwari kodwa okwamanje siyehluleka ukuhlangabezana nezinto azifunayo,” kusho uComitis.

OLUNYE UDABA: Sesidlale imidlalo emihlanu singehlulwa - Komphela

"Ngaphandle uma engashintsha umqondo ngoba besizimisele, kodwa akufunayo kungaphezu kwamandla ethu.”

UMasango wafika wenza kahle kwiRanders esuka kwiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini ka-2014/15, washaya amagoli ayisithupha emidlalweni engu-27.

Izinto zaqala ukushintsha esezwa ukuthi kunamaqembu ‘amfunayo’ khona e-Europe, kodwa ikilabhu yakhe yangavuma naye, wagcina engasadlali ngenxa yokuthi umqondo wakhe wawungasekho kule kilabhu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...