OweChiefs uzwakalisa ukuyihlopha iDowns

2017-04-01 12:53

Johannesburg - Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs uTsepo Masilela uyabahlonipha kakhulu ompetha base-Africa iMamelodi Sundowns njengoba bezobhekana nabo eFNB Stadium namuhla ebusuku.

Umdlalo kulindeleke uqale ngo-20:15 eSoccer City.

“Kuzoba umdlalo omzima,” kusho uMasilela kwi-website yeqembu lakhe. “Ababona ompetha beligi nabase-Afrika mahhala. Banzima enkundleni. Lona ngeminye yaleyo midlalo, uma uke waphazama nje kancane, uyajeziswa.”

OLUNYE UDABA: I-SABC neSuperSport banikwe amalungelo okusakaza iNdebe yoMhlaba

Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala ukuqonda kahle ukuthi iChiefs ngeke yakwazi ukulahlekelwa amaphuzu kulo mdlalo.

Womabili amaqembu asembangweni wesicoco seligi kanye neCape Town City neSuperSport United.

IDowns inamaphuzu angu-34 emidlalweni engu-17 – ilandela iCity ngamaphuzu amathathu neChiefs ngamaphuzu amabili, kodwa inemidlalo emine esandleni.

- KickOff.com

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...