OweChiefs ulindele umdlalo osezingeni neDowns

2017-10-17 14:01

Johannesburg - Umdlali weKaizer Chiefs uLorenzo Gordinho ulindele umdlalo osezingeni eliphezulu phakathi kwekilabhu yakhe neMamelodi Sundowns, nakuba edumele ngokuthi ngeke adlale.

Amakhosi azolibhekisa eTshwane ngoLwesibili ebusuku, nokuyilapho ezobhekana khona nompetha base-Afrika eLoftus Versveld Stadium.

Lo mdlalo uthembisa lukhulu njengoba emidlalweni eyishumi eyedlule phakathi kwala maqembu kusukela ngo-2013 imithathu kuphela eyaphela kungekho ovuma ukugoba uphondo.

Nakuba elimele, uGordinho unethemba lokuthi ezakhe zizodlala kahle kulo mdlalo ozoqala ngo-19:30.

OLUNYE UDABA: 'IChiefs ingamnika isipho esihle uMotaung ngokushaya iDowns nePirates'

“Wumdlalo omkhulu [ukudlala neSundowns] futhi leli yisonto elikhulu kithina, abafana balilungele futhi banakho ukuzethemba, futhi nasejimini izinto zihambe kahle ngeledlule,” kusho uGordinho.

“Ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo omuhle, abadlali bawulangazelele ngoba bonke bafuna ukudlala.

“Kuzomele [siwine], asidlaleli ukwehlulwa, futhi ngicabanga ukuthi umdlalo uzoba muhle.

“Womabili amaqembu ayazi ukuthi akubalulekile ukuthi ubudlala kanjani emidlalweni edlule, okubalulekile umdlalo wanamuhla. Nginethemba lokuthi sizowina.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-24°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-23°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...