OweChiefs ulinde iCeltic ukuze azi ngekusasa lakhe

2017-01-11 14:31

Johannesburg -  IBloemfontein Celtic ithi isinqumo ngomdlali weKaizer Chiefs uSiphelele Mthembu ayikasithathi okwamanje njengoba besagxile kwezinye izinto.

IPhunya Sele Sele ibuyele ejimini kuleli sonto kanti futhi idinga ukuba idlale kahle esigabeni sesibili sesizini ukuze isuke endaweni ekuyona.

“Okwamanje, asikho isinqumo esesithathiwe ngomdlali,” kusho omunye wabaqeqeshi beCeltic uJohn Maduka kwiKickOff.com.

OLUNYE UDABA: Uhlelo olusha lunyuse amathuba eBafana kweyeNdebe yoMhlaba

“Ngakho alikho iqiniso emibikweni ethi sekusele kancane sifinyelele esivumelwaneni nalo mdlali. Okwamanje kusekude sifike lapho.

Isikhulu esiphezulu seCeltic uKhumbulani Konco uqhube wathi okwamanje ithimba labaqeqeshi lisamhlola lo mdlali.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...