OweChiefs ufuna ukuqubula okokuqala inkomishi ngokuwina eyeTelkom

2017-11-16 16:00

Johannesburg - Umdlali weKaizer Chiefs uDaniel Cardoso uzilungiselela umdlalo wabo onzima neBidvest Wits ozoba ngempelasonto, kanti uthi ukulambele kakhulu ukufinyelela kowamanqamu, athathe nenkomishi yakhe yokuqala.

IChiefs izodlala neWits eBidvest Stadium emdlalweni owandulela owamanqamu eTelkom Knockout, okulindeleke uqale ngo-15:30 ngoMgqibelo ntambama.

Womabili la makilabhu afuna ukuqeda isigaba sokuqala sesizini ngegiya eliphezulu ngokuthi athathe isicoco, iChiefs sekuphele isikhathi eside yagcina ukusithatha ekubeni iWits ayiqalanga kahle.

OLUNYE UDABA: URadebe uncoma amagalelo kaDoctor kwiBaroka

“Kuzoba umdlalo omuhle lona ngempelasonto, iWits ayilona iqembu okulula ukulishaya. Inabadlali abahle impela futhi abanqobe iligi ngesizini edlule,” kusho uCardoso.

“Izinto kazibahambeli kahle, ngakho akulula ukushaya iqembu elinjalo – sike sabhekana nalokho nathi.

“Sekungcono manje kithina ngoba asisahlulwa, selokhu sagcina ukwehlulwa yiBaroka, futhi kasingenelwa amagoli. Ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo omnandi kakhulu.

“Sifuna ukuwina inkomishi. Ngisho nami uqobo, njengomdlali, kangikaze ngiwine inkomishi,” esho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...