OweBafana ucela ukuvotelwa kowendondo yeFIFA

2016-11-25 11:30

Johannesburg – Umdlali waseNingizimu Afrika ophakanyiselwe kwabazowina indondo ye-FIFA Goal of the Year, uHlompho Kekana, usenxuse abantu ukuba bamvotele.

Lo mdlali washaya unyazi lwegoli engakafiki ngisho emugqeni ophakathi nenkundla ngenkathi iBafana Bafana ibhekene neCameroon emdlalweni wokuhlungela umqhudelwano we-Africa Cup of Nations.

Muva nje, lo mdlali uphinde washaya elinye igoli ngenkathi iMamelodi Sundowns ibhaxabula iGolden Arrows ngo 3-0, ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Igoli loweBafana liphakanyiselwe indondo yeFIFA

Leli goli walishaya ngomzuzu ka-43 futhi engaphandle kwebhokisi lephenathi.

“Igoli elihluke kakhulu kunaleli engalishaya kwiCameroon, kodwa liyabalwa,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala nongomunye wabadlali abahlanu basezwenikazi i-Afrika ababheke ukudla indondo ye-African Footballer of the Year.

“Akekho owase-Afrika owake wawina [indondo] iFIFA Goal of the Year ngakho nginxusa wonke umlandeli webhola phakathi kweCairo kanye neKapa ukuba bangivotele,” kusho uKekana.

Lo mdlali uqhuba uthi igoli alishaya kwiCameroon kwaba ngelikhulu kunawo wonke empilweni yakhe, wathi kodwa wayengakholwa ukuthi lizophakanyiselwa ekuwineni indondo yegoli elivelele emhlabeni wonke.

UKekana uqokwe kanye nabanye abadlali abahamba phambili emhlabeni wonke, okubalwa kubo ezithenjwa zeBarcelona, uLionel Messi kanye noNeymar.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...