Owe-PSL unxusa iPirates ukuthi isayinise uSteven Pienaar

2017-06-01 11:01

Cape Town – Unozinti weBidvest Wits, uMoeneeb Josephs, ukholwa ukuthi i-Orlando Pirates kumele izame ukusayina umdlali wakuleli odlala phesheya, uSteven Pienaar, uma ngabe ifuna ukubuyelwa isithunzi njengelinye lamaqembu amakhulu ezweni.

Ukusayina uPienaar, uJosephs uthi kungaba nomthelela omuhle ngendlela efanayo nangesikhathi leli qembu lisayina omunye umdlali wakuleli owayegijima phesheya, uBenni McCarthy, ngonyaka ka-2012 nalapho yagcina ithathe khona izicoco ezintathu ngesizini eyodwa.

Lo mdlali ongumakadebona uzophelelwa yinkontileka yakhe ngoJuni kwiSunderland kanti usekhulume kaningi ngokubuyela eNingizimu Afrika ukuze azoqedela ikusasa lakhe ebholeni.

OLUNYE UDABA: Iyaqina eyokuthengwa kweThanda ukuze AmaZulu abuye kuPSL

“Nakanjani, nakanjani. 'uSchillo' umlandeli omkhulu we-Orlando Pirates. Mukhulu, mukhulu, mukhulu kakhulu,” uJosephs usho kanjalo ecashunwa ku-website yeSowetanLIVE echaza ngalo mdlali ababegijima naye eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, futhi owayephinde abengukaputeni wayo.

“Ngicabanga ukuthi angaletha okuthile. Angabuyisa leyo nhlansi ku-Orlando Pirates. Ngincoma kakhulu ukuthi uSteven abuye ajoyine iPirates.

“Buyisa abadlali abakhulu, buyisa abadlali bangempela. Kumele bahambe bayozingela uSteven Pienaar bese bekhombisa abafana lapha ukuthi umdlali omkhulu uyini.

“Leyo yinto uBenni afika wasenzela yona kuPirates. Baletha umdlali omkhulu futhi wayishintshashintsha iPirates. Futhi uSteven kudingeka eze bese enza lokho ku-Orlando Pirates manje.”

UJosephs, ovumayo ukuthi usenalo uthando lwale kilabhu ayeyidlalela, unxuse uSihlalo weBucs, u-Irvin Khoza ukuthi azibambele mathuba ekuzingeleni lo mdlali owayegijima esiswini ku-Ajax, iBorussia Dortmund, i-Everton kanye neTottenham.

“Letha uSteven Pienaar ku-Orlando Pirates. USihlalo kumele ahambe ayomzingela,” kuphetha uJosephs.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-29°C Showers early. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...