Owayeqeqesha iPirates usevumile ukuthatha iBafana - Umbiko

2017-03-15 12:29

Johannesburg - I-SAFA iyayichitha imibiko ethi lowo owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates uRuud Krol usevumile ukuba ngumqeqeshi olandelayo weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika.

I-Mail & Guardian namhlanje ekuseni ibike ukuthi lo mqeqeshi waseNetherlands uzothatha izintambo kuBafana Bafana ngemuva kokuba zingaphumelelanga izingxoxo phakathi kweSafa noCarlos Queiroz, Herve Renard kanye noHugo Broos.

Imenenja yezokuxhumana kwi-SAFA, uDominic Chimhavi, yalile ukuqinisekisa lolu daba.

OLUNYE UDABA: INingizimu Afrika iqhathwe 'nanzima' koweNdebe yoMhlaba

“Asiphawuli ngamahlebezi abezindaba. Kwaqala kwaba uQueiroz, Herve, Broos, [Stuart] Baxter manje sekunguRuud,” kusho uChimhavi etshela iKickOff.com.

“Asikho isidingo sokuphawula ngamahlebezi kodwa lokhu ngiyakuqabuka [ukuthi uKrol usevumile]. Sise-Ethiopia lapho kunokhetho khona lwe-CAF, uma sesibuya sizomemezela umqeqeshi omusha weBafana Bafana.”

IBafana isezandleni zika-Owen Da Gama okwamanje kusukela obengumqeqeshi uShakes Mashaba afakwa amasondo kulandela ukukhala ngaphansi eqondiswa izigwegwe.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...