Owayengumengameli weFifa ezinsolweni 'zokuhlukumeza ngokocansi'

2017-11-11 13:01

Johanensburg - Lowo owayengumengameli we-FIFA uSepp Blatter usolwa ‘ngokupantsa’ owesifazane izinqa.

Unozinti webhola eMelika, uHope Solo, usola uBlatter ngokumnukubeza ngokocansi ngesigameko esenzeka emcimbini weBallon d'Or ngo-2013.

USolo noBlatter babethula umklomelo ndawonye kulo mcimbi.

Unozinti utshele iphephandaba lasePortugal i-Expresso ukuthi, "Ngezwa uBlatter nje esengibamba izinqa."

OLUNYE UDABA: Ngeke ngiline ukuxoshw, ngizozihambela - Baxter

Ebuzwa ukuthi kungani engaphumelanga obala ngokushesha, uthe, ngangesaba ngenxa yokuthi ngangiyokwethula umklomelo omkhulu.

“Ngangiyokwethula umklomelo weBallon d'Or”.

"Ngemva kwalokho angimbonanga. Angikwazanga ukumtshela ukuthi angaphinde angithinte.”

UBlatter, owayengumengameli weFIFA iminyaka engu-17, uziphikile lezi zinsolo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...