Owayedlalela iPirates uzimisele ngokuyodlala phesheya

2017-11-25 08:42

Cape Town - Lowo owayengumdlali we-Orlando Pirates uTlou Segolela kubikwa ukuthi uzimisele ngokuyothola amadlelo aluhlaza eThailand ngemuva kokuba wadedelwa yiPolokwane City ekupheleni kwesizini eyedlule kanti kumanje akanalo iqembu.

Lo mdlali, 29, wadlala imidlalo engu-100 egqoke ijezi leBhakabhaka eminyakeni eyisithupha ayihlala eMayfair wafaka nenqwaba yamagoli.

Ngemuva kokudedelwa amaSea Robbers ngesizini ka-2015/16, wajoyina iCity lapho adlala khona imidlalo eyisithupha yeligi ngaphambi kokudedelwa futhi.

OLUNYE UDABA: IPirates isayinise abadlali ababili beStars

Lo mdlali wake wadlala nakuBafana Bafana lapho afaka khona amagoli amabili.

Nokho uSegolela kubukeka ebhekwe yisambane njengoba engenayo inhlanhla yokuthola ikilabhu azoyidlalela ku-PSL yingakho manje esebheka phesheya kwezilwandle.

Imibiko yeSoccer Laduma iveza ukuthi kwakhe kwezwakala ezokuthi lo mdlali uzoya kodlala eMalaysia kepha lokho kwangaphumelela. Manje kubukeka sengathi iThailand yiyona ndawo angase abe nenhlanhla kuyo uma konke kuhamba ngokohlelo.

Imithombo esondelene nalo mdlali iveza ukuthi "kunezinhlelo ezenziwayo zokuthi lo mdlali abhekise amabombo eThailand kula masonto ambalwa ezayo".


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 18-25°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-22°C Numerous showers. Cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 18-22°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...