Owayedlalela iPirates ukhuthaze uLebese ngemuva 'kokuhlazeka' kwakhe

2017-10-31 09:30

Johannesburg - Owayengumdlali we-Orlando Pirates uThulasizwe Mbuyane usenxuse umfana wangakubo uGeorge Lebese ukuba angadikibali kulandela indlela izinto ezenzeke ngayo ngeSonto.

Umdlali weMamelodi Sundowns uLebese ungene emdlalweni ngemuva kukalimala kukaThokozani Sekotlong ngomzuzu ka-22 emqhudelwaneni weTelkom Knockout bedlala neChippa United.

Kodwa ube esekhishwa, endaweni yakhe kwangena uLeonardo Castro ngomzuzu ka-74 ngesikhathi behlulwa ngo-1-0 eSisa Dukashe Stadium.

Umqeqeshi weSundowns uPisto Mosimane ngokuhamba kwesikhathi ukhombise ukuzwelana noLebese, kanti noMbuyane wadlulisa amazwi okumeseka.

“Ngidumele ngengikubonile. Kodwa uPitso ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu, kungenzeka ukuba ubenesizathu esihle ngakwenzile,” kusho uMbuyane, odabuka eMamelodi njengaye uLebese.

OLUNYE UDABA: IChiefs yikilabhu enkulu - Maluleke

“UGeorge ungumdlali oseqophelweni eliphezulu, akungatshazwa lokho. Ngake ngadlala naye emazingeni aphansi sidlalela iJusben. Usebenza ngokuzikhandla. Washiya iChiefs ngoba efuna ukudlalela ikilabhu akhule eyithanda, ukuze ezokhula njengomdlali aphinde adlale nakwiChampions League.

“Izinto ezinjena ziyenzeka ebholeni. Uzowaphendula amatafula. Ngalesi sikhathi udinga ukwesekwa ngabadlali abadala abafana noHlompho Kekana ukuze ezovuka azithathe”.

Uphinde wathi uManyisa noGeorge kabadingi ukutatazela ngoba kuseyisizini yabo yokuqala le bedlalela iDowns.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...