Owayedlalela iChiefs ngeke alithole ithuba lokudlala nale kilabhu

2017-11-24 14:00

Johannesburg - Umgadli weFree State Stars u-Edward Manqele ngeke adlale ngoMgqibelo uma ezakhe sezibhekene nekilabhu ayeyidlalela, iKaizer Chiefs, ngenxa yokulimala.

UManqele ulimale ngemuva kokushaya igoli emdlalweni ophele ngo-1-1 bedlala neChippa United eGoble Park ngoLwesithathu.

Umqeqeshi weStars uLuc Eymael ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ngeke adlale uma sebebhekene neChiefs eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

"UJabu, ngoLwesithathu uthole ukulimala ngemuva kokushaya igoli,” kusho u-Eymael etshela iKickOff.com.

OLUNYE UDABA: OwePirates ukhala ngokushweba kwabadlali bakuleli

"Ngicabanga ukuthi ngemuva kwemizuzu emibili noma emithathu eshaye igoli uthole ukulimala. Kubenzima nokuqeda umdlalo. Uphuke izimbambo.

"Namhlanje ujimile kancane kodwa bengibona nje ukuthi usezinhlungwini. Ngakho ngibe sengiyalela ukuba ayobona udokotela. Ngeshwa iX-ray iveze ukuthi uphuke izimbambo ezimbili… Kuyishwa lokhu ngoba bengifuna adlale uma sesibhekene neChiefs.”

Kuthiwa kungenzeka ahlale amasonto amathathu engadlali.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...