Owachithwa yiChiefs wenza okuncomekayo eNdiya

2017-02-15 14:01

Johannesburg - Umdlali owachithwa yiKaizer Chiefs u-Ivan Bukenya usevumbuke kwi-Indian I-League ekilabhini i-KF East Bengal kulandela ukubuyela kwakhe e-Asia.

UBukenya uchithwe yiChiefs ngoJuni 2016 ngemuva kokuba zingamhambelanga kahle izinto eNaturena kulandela ukudlala imidlalo engu-22 eminyakeni emithathu.

Ngemuva kokudedelwa kwakhe eNaturena, lo mdlali wasesiswini ulibhekise ekhaya e-Uganda nokuyilapho efike wazilolonga khona neqembu ayelidlalela kudala iProline FC ngaphambi kokuba alibhekise kwiBengal ngoDisemba.

OLUNYE UDABA: IWits isayinise obengumdlali weDowns

UBukenya usize iBengal yaqhwakela esicongweni seligi kanti ungomunye wabadlali abahlanu abasayidlale yonke imidlalo kuze kube manje.

Useshaye amagoli amathathu kuleli ligi ezophela ngoMeyi isizini yayo ngaphambi kokuba kuqale i-Indian Super League.

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala uke wadlala e-Iraq, edlalela i-Arbil SC.

 - KickOff.com


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...