Onompempe kumele babuzwe ngezinqumo abazithathayo - Mngqithi

2018-02-06 11:01

Johannesburg - Umsizi kamqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ukholelwa wukuthi onompempe kumele babhekana nezinqumo abazithathayo kulandela ukukhishwa kukaPitso Mosimane emdlalweni wangoLwesihlanu bedlala neCape Town City.

UMosimane wakhishwa nguVictor Gomes ngemuva kokuphikisana nesinqumo asithatha lo nompempe lapho uCraig Martin awa khona ngemuva "kokuntintwa" nguTebogo Langerman, yize kwakucacile ukuthi uMosimane wayengasebenzisi indluzula.

Kuwona lo mdlalo, umdlali weCity uRobyn Johannes waphinde wathola ikhadi elibomvu ngendlela engaqondakali ngemuva kokutshengisa ukungahambisani nesinqumo sikaGomes.

UMngqithi uthi kubalulekile ukuthi wonke umuntu abhekane ngandlela thize nezinqumo azithathayo.

Umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy, naye obebukele lo mdlalo kude kulandela ukumiswa imidlalo emibili, uyigxekile indlela abedlalisa ngayo uGomes.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...