Omunye futhi umqeqeshi osekhonjwe indlela kwi-PSL

2018-03-06 16:00

Johannesburg - Usihlalo weBaroka FC uKhurishi Mphahlele usekuqinisekisile ukuthi uMacDonald Makhubedu uzoqhubeka nokuqeqesha le kilabhu kuze kuphele isizini ngemuva kokuxoshwa kukaKgoloko Thobejane.

UThobejane ukhonjwe afika ngayo ngemuva kokuvela phambi kwesigcawu sekilabhu, ngezinsolo zokuphuza utshwala emsebenzini.

Wehlulekile ukufika esigcawini ngesonto eledlule, kodwa ubekhona kwesangoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Kunxuswa umkhuleko ngomdlali oshaywe umphezulu

"Yebo, sesimkhululile. Kulokhu uvelile phambi kwesigcawu,” kusho uMphahlele etshela iKickOff.com.

UMakhubedu usebambe izintambo emidlalweni emihlanu, kanti uqale ukubamba kusukela uThobejane emiswa. Kuze kube manje ubengakehlulwa.

UMphahlele usanda kutshela iKickOff.com ukuthi lo mqeqeshi owayecija i-Acornbush United uzothola ithuba lokuzibonakalisa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Scattered tstorms late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-20°C Sprinkles early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...