Okwenze iTheku lalahlekelwa eyama-Commonwealth, uMbalula uphumela obala

2017-03-14 14:01

Durban – UNgqongqoshe wezemiDlalo, uFikile Mbalula, usephumele obala ngokwenze ukuthi idolobha iTheku ligcine liphunyukwe amalungelo okusingatha imidlalo yama-Commonwealth Games yangonyaka ka-2022.

OLUNYE UDABA: ‘Ukuphoxeka okukhulu’ iTheku liphunyulwa imidlalo yama-Commonwealth

Esithangamini sabezindaba ngoLwesibili, uMbalula uveze ukuthi iCommonwealth Games Federation ibifuna ukuzibophezela ngokwezimali kuNingizimu Afrika, nokuyizibophezelo uhulumeni wakuleli abengazimisele ngokuzenza.

Phakathi kokunye kubalwa ukuthi iNingizimu Afrika izibophezele ukuthi ibhekane nokushoda kwemali okungase kube khona ekusingatheni le midlalo.

UMbalula uthi uhulumeni ubengazimisele ukucwilisa izwe ezikweletini ngokuzibophezela ekusebenziseni imali angenayo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 12-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Scattered showers. More clouds than sun. Mild. PE: 14-21°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...