'Ngizibuza ukuthi yini engalungile engayenza uma ngibona iBhele noKhenyeza besadlala ibhola'

2017-11-05 14:48

Johannesburg - Uma uLebohang Mokoena ebuka abadlali abafana noSiyabonga Nomvethe noMabhuti Khenyeza besadlala ibhola esigabeni esiphezulu, akazi ukuthi yena kungani engasekho kuleli zinga.

‘UCheeseboy’31, ukholelwa ukuthi kuningi asangakwenza, kodwa okwamanje ujima yedwa, njengoba esalinde iqembu elingase limsayinise, okungenani ngoJanuwari.

Washiya i-Ajax Cape Town ekupheleni kwesizini edlule ngemuva kokuba izinto zingamhambelanga kahle khona kanti manje ukulambele kabi ukubuyela enkundleni enze into ayithandayo.

OLUNYE UDABA: Ukaputeni uvikela umqeqeshi ngokubhacaza kwekilabhu

“Ngisebenza ngokuzikhandla. Kunabaqeqeshi esengike ngakhuluma nabo. Bayangithembisa, kodwa ngeke ngikwazi ukudalula amakilabhu esengike ngakhuluma nawo,” kusho lo mdlali oseke wadlalela i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ngesikhathi ekhuluma neKickOff.com.

“Ngisaneminyaka engu-31 nje kuphela, kanti uma ngibuka abadlali abafana  ‘noBhele’[Nomvethe] noMabhuti ‘bebulala’ abantu, ngiyazibuza ukuthi yini engayenza ebhedayo.”

Uphinde wathi: “Ngibuka ‘uShabba’[Siphiwe Tshabalala] bese ngifikelwa umcabango wokuthi yini engayenza engalungile. Angikhuluphele futhi anginayo inkinga nencane. Mhlawumbe kuzomele ngihlabe izinkomo ezingu-15. Ngiyakhumbula ukudlala ibhola.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...