‘Ngiyobuyela kwiBafana mhla kwahamba uMashaba’

2016-10-04 19:30

Cape Town – Umgadli wakuleli uKermit Erasmus utshele izindaba ze-EWN Sport ukuthi angathanda ukudlalela iBafana Bafana, kepha hhayi manje kusaqeqesha uShakes Mashaba.

U-Erasmus, owake wagijima ku-Orlando Pirates, osedlalela iStade Rennes yaseFrance manje, akakufihli ukuthi akumphathanga kahle ukukhishwa inyumbazane nguMashaba yize ayesefomini enhle.

Lo mdlali wajoyina omunye umdlali wakuleli uKamohelo Mokotjo, naye oseke wazwakalisa ukungagculiseki ngomqeqeshi weqembu lesizwe.

OLUNYE UDABA: Isidaluliwe imali ekudayiswe ngayo u-Erasmus

U-Erasmus noMokotjo bahluleka ukufihla ukungenami kwabo ngokusala ngaphandle njalo uma kuqokwa isikwati seBafana.

“Akukho engingakusho ngeqembu lesizwe. Njengoba ngasho nje ekuqaleni ukuthi ngiyophindela kuBafana mhla kwaba nezinguquko, okwamanje cha,” kusho u-Erasmus.

Uqhube ngokuthi akazimisele ngokubuyela kuBafana manje ngoba lokho kuyochaza ukuthi uzodlala engakhululekile ngenxa yezizathu ezithile.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...