Ngisho ubuchule bukaKhune buhlulekile ukuhlenga iqembu

2016-08-11 07:00

Cape Town – Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lika-Under-23 liphumile emidlalweni yama-Olympics ebanjelwe eRio, eBrazil, kulandela ukudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Iraq.

Ngokusho kombiko weKickOff.com, uGift Motupa nguye obhakuzise inethi ngomzuzu wesithupha, kwavuka ithemba kubadlali baka-Owen da Gama.

Nokho-ke ukaputeni we-Iraq uSaad Luaibi naye ubuyise izinduku ngomzuzu ka-14, lakhala phakathi.

OLUNYE UDABA: Ezingezinhle eqenjini leNingizimu Afrika eRio

Ukube iNingizimu Afrika ibiwunqobile lo mdlalo ibizodlulela kuma-quarter finals alo mqhudelwano.

I-Iraq iphuthwe amathuba amaningi, kanti nonozinti u-Itumeleng Khune uphinde wadlala ibhola eliyingcwenga esepalini, yize udonga belubuye “lumdayise”.

Elakuleli liqede lisemsileni emaqenjini ebeliqhathwe nawo, okusho ukuthi libuyela ekhaya.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...