Ngisadidekile ngokushona kukaTed Dumitru - Khanye

2016-05-26 18:31

Johannesburg – Lowo owake wagijima kuKaizer Chiefs, uJunior Khanye, uthi kumhlabe enhliziyweni ukudlula emhlabeni kukalowo owayengumqeqeshi wakhe uTed Dumitru.

UKhanye, owayeliteka kuhlanye izihlwele, uthi u‘Madala’ ushona nje ubesanda kukhuluma naye ekuseni.

UDumitru ushone ngemuva kokushayeka phansi enxanxatheleni yezitolo eGoli ngoLwesine ekuseni, kanti kukholakala ukuthi umelwe yinhliziyo, kubika iKickOff.com.

UDumitru ungomunye wabaqeqeshi abambalwa abacija amaqembu akuleli amakhulu, okuyiKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni lowo owake waqeqesha iBafana

Akagcinanga lapho, waphinde waqeqesha iqembu lesizwe.

“Bengisanda kukhuluma noTed ngabo-08:00 engimemela emcimbini webhola obuzoba seJohannesburg Stadium ngoLwesihlanu,” kusho uKhanye.

”Ngishaqekile ngesikhathi ngifonelwa owesifazane osebenza kwesinye sezitolo e-Eastgate engibuza ukuthi ngiyamazi yini uTed. Lokhu kwenzeke ngesikhathi esaqulekile.

“Ngidangele. Ngilahlekelwe ubaba wami wesibili. Ngisadidekile.”

 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...