Ngiphelelwa amazwi okuchaza le nto eyenzekile - Khune

2017-09-17 08:35

Johannesburg -  Unozinti u-Itumeleng Khune uzwakalise ukuthi akathokozile neze ukuthi iKaizer Chiefs ivumele ukuphucwa iqatha emlonyeni yiBidvest Wits ngokuthi ingenelwe yigoli sekusele amanenjane umdlalo uphele ngoMgqibelo ebusuku.

AmaKhosi abesenukelwa ngamaphuzu amathathu emakhaleni ngesikhathi u-Amr Gamal ebhakuzisa inethi ngemizuzu yokugcina yomdlalo, kubika iKickOff.com.

Lo nozinti weChiefs uthe kumele baphindele emuva bayozinuka amakhwapha.

“Angijabule neze, empeleni ngidangele. Indlela esizidayise ngayo ngomzuzu wokugcina ngokuthi singelewe yigoli ngaleya ndlela,” kusho uKhune etshela iSuperSport TV.

OLUNYE UDABA: Akekho umuntu ofuna ukuphuthwa yiDerby – Khune

"Into efanayo yenzeka ngesizini edlule sidlala neGolden Arrows, lapho sangenelwa khona yigoli ngemizuzu yokugcina yomdlalo. Asizange siwunake umdlalo kwaze kwaba sekupheleni.

“Kule midlalo kumele sihlale simehlomane kuze kube kukhala impempe yokuphela komdlalo. Angazi nokuthi ngingayichaza kanjani eyokungenelwa yileli goli.

“Sisebenze kanzima safaka igoli, kepha sahluleka ukushaya amadoda yize ebengasaphelele. Kumele sibuyele emuva sibheke ukuthi le nto singayilungisa kanjani."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...