Ngijabule kakhulu ngokubuyela ekhaya - Myeni

2016-09-09 13:29

Johannesburg – Isikhwishikhwishi somdlali, uSifiso Myeni, uthi uthokoze kakhulu ngokubuyela ekhaya lakhe iBidvest Wits esuka ku-Orlando Pirates.

UMyeni ubuyele kuWits ngemuva kokuchitha cishe iminyaka emine edlalela eziMnyama Ngenkani, lapho efake khona amagoli angu-17 emidlalweni angu-130.

Lo mdlali uthi akamangalanga ngesikhathi amaBhakabhaka ethatha isinqumo sokumdedela.

“Ukukhuluma iqiniso nje, ngijabule ukubuyela ekhaya,” esho etshela iSiya crew.

OLUNYE UDABA: UTinkler uthi kuzoba nzima ukuthola uSifiso Myeni

“Ngiyidlalile indima yami kuPirates kanti futhi akungimangazanga ukukhululwa yiyo ngoba izinto ezinjalo ziyenzeka ebholeni.”

UMyeni uthi ngeke asikhohlwe isikhathi asichithe kumaBhakabhaka.

“Ngifinyelele kweyamanqamu emibili e-Afrika, yize singayinqobanga kepha lokhu kusho lukhulu emlandweni kimi njengomdlali,” esho.

Uthi manje usebheke ukwenza into yamehlo kuWits.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 18-24°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...