Ngifuna ukuxoxela abazukulu ukuthi sashaya iChiefs - Jonevret

2017-03-04 13:39

Johannesburg - UKjell Jonevret, ongumqeqeshi waseSweden osanda kuthatha izintambo ku-Orlando Pirates ubukeka engathukile ngomdlalo abazowudlala nezimbangi zabo ezinkulu iKaizer Chiefs eFNB Stadium.

Nabadlali eqenjini lakhe babukeka bekujabulela ukusebenzisana naye.

Lo mqeqeshi uzwakalise ukuthi  ulapha ngoba efuna inselelo entsha kanti futhi akazile ukuzovakasha.

Uthe bonke abaqeqeshi badinga inselelo kwesinye isikhathi. Bonke futhi inselelo babhekana nayo ngezindlela ezingafani.

OLUNYE UDABA: UPitso useyibonile ingozi kuCape Town City

“Ngake ngeza eNingizimu Afrika izikhawu eziyisikhombisa noma ezingu-8 namaqembu ehlukene kodwa iPirates iyithuba elihle.

“Ngakho ngikulangazelele lokho (engizobhekana nakho).

“Ngifuna ukuxoxela abazukulu bami ngelinye ilanga uma sebekhulile, ‘Sanqoba umdlalo womkhaya baseSoweto.’

“Ngakho ngiwubheke ngabomvu - Angesabi.”

- SowetanLive

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 7-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 14-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...